Russian ambassador shot in Ankara, Turkey

Russian Foreign Ministry confirmed that Russian ambassador to Turkey was shot and “seriously wounded” after a gunman stormed into a building where the official was attending a Russian photo exhibition.


“Umuntu ongaziwa uvulele ngenhlamvu ngesikhathi kunomcimbi womphakathi e-Ankara. Ngenxa yalokhu, inxusa laseRussia eTurkey lithole inxeba lokudutshulwa,” kusho okhulumela uMnyango Wezangaphandle waseRussia uMaria Zakharova etshela izintatheli.

Ngokwemininingwane yakamuva evela eMnyangweni Wezangaphandle WaseRussia, uKarlov manje uselashelwa khona lapho futhi akazange ayiswe esibhedlela sendawo, njengoba kubikiwe ekuqaleni.

Inxusa, u-Andrey Karlov, walimala ngemva kokuba esezokwethula inkulumo ngesikhathi kuvulwa umbukiso othi “Russia in the eyes of Turks.”

Izithombe okuthiwa zikhombisa umenzi wobubi ephethe isibhamu ziya ngokuya zisabalala ezinkundleni zokuxhumana. Abasebenzisi baphinde bafake izithombe abathi zikhombisa inxusa laseRussia lilele phansi ngemuva kokudutshulwa.

Umenzi wobubi, owayegqoke isudi nothayi, wamemeza wathi 'Allahu Akbar' ('UNkulunkulu mkhulu' ngesi-Arabhu) ngesikhathi sokuhlasela, kubika i-AP, ecaphuna umthwebuli wabo wezithombe.

Umhlaseli uphinde washo amagama ambalwa ngesiRashiya, ngokusho kwesikhungo sezindaba, walimaza nezithombe ezimbalwa kulo mbukiso.

Umsakazi we-NTV waseTurkey uthi abanye abantu abathathu balimele ngesikhathi kuhlaselwa inxusa.

Umhlaseli ubulawe yiTurkey Special Forces, kubika i-Turkish Anadolu news agency. I-Interfax yaseRussia, icaphuna umthombo osembuthweni wamasosha aseTurkey, nayo iqinisekisa ukuthi ushayasibhamu wayengekho.

Iphephandaba iHurriyet, licaphuna eyakhe intatheli, lithi isigilamkhuba siphinde sadubula emoyeni ngaphambi kokukhomba uKarlov.

Ngokwephepha, abeSpecial Forces bazungeze ibhilidi lapho kwenzeke khona ukuhlasela kanti bathungatha ushayasibhamu.

Abazibonele bathi amaphoyisa adubulana nomhlaseli.

Shiya amazwana